11 July 2009
President addresses the Ghanaian Parliament in Accra
(begin transcript)
INKULUMO KA MONGAMELI EPHALAMENDE LASE GHANA
E-Accra International Conference Center
Accra, Ghana
12:40 P.M. GMT
UMONGAMELI: (Umculo wecilongo.) Kwamnandi lokho. Ngiyabonga. Ngiyabonga. Ngicabanga ukuthi lo mhlangano uyalidinga lelo cilongo. (Uhleko.) Waze wamtoti lowo mnkenenezo. Uzwakala njengokaLouis Armstrong ngezikhathi zakhe. (Uhleko.)
Ngiyanibingelela nonke. Ngizizwa ngihlonipheke kakhulu ngokuba lapha e-Accra ukuzokhuluma nalabo abamele abantu baseGhana. (Ihlombe.) Ngiyabonga kakhulu ngokwamukeleka engikutholile, kanjalo noMichelle, noMalia kanye noSasha Obama. Umlando weGhana unothe kakhulu, ubudlelwano phakathi kwamazwe ethu womabili buqinile futhi ngiyaziqhenya ngokuthi lokhu wukuvakasha kwami kokuqala eNingizimu ye-Afrika njengoMongameli waseMelika. (Ihlombe.)
Ngithanda ukubonga Isikhulumi sePhalamende nawo wonke amalungu alo ngokusamukela namhlanje. Ngithanda ukubonga uMongameli Mills ngobuholi bakhe obuseqophelweni eliphezulu. Kulabo ababengoMongameli -- uJerry Rawlings, Kufuor -- Isekela Mongameli, no-Chief Justice -- ngiyabonga kini nonke ngezandla zenu ezifudumele nangezizinda zikahulumeni esenizakhile lapha eGhana.
Ngikhuluma nani namhlanje emaphethelweni ohambo lwami olude. Ngiqale eRussia engqungqutheleni yamazwe amabili ayizikhondlakhondla. Ngadlulela e-Italy emhlanganweni wamazwe omhlaba anothile. Lapha eGhana ngizele isizathu esilula: Umhlahlandlela weKhulu-minyaka lamashumi amabili nanye (21st Century) awuzokwakhiwa nje khuphela yilokho okwenzeka eRome noma eMoscow noma eWashington, kodwa uzokwakhiwa yilokho okwenzeka nase-Accra. (Ihlombe.)
Leli yiqiniso elicacile esikhathini lapho imingcele phakathi kwabantu yakhiwa ukuxhumana kwethu. Impumelelo yenu ingathuthukisa impumelelo yeMelika. Ukuba nempilo kwenu kungenza umhlaba wonke ube nempilo nokuvikeleka. Futhi amandla entando yeningi yenu angenza kuqine ukuvikeleka kwamalungelo abantu umhlaba wonke.
Ngakho mina angiwabuki amazwe ase-Afrika nabantu bawo njengamazwe ahlukene; i-Afrika ngiyibuka njengengxenye ebalulekile yomhlaba wethu oxhumene -- (ihlombe) -- ngiyibuka njengozakwabo weMelika ekulweleni ikusasa lazo zonke izingane zethu. Lokho kubambisana kumele kwakhelwe phezu kwesisekelo sokuhloniphana. Yilokho-ke engifuna ukuzokhuluma ngakho nani namhlanje.
Kumele siqale ngokuqonda ukuthi ikusasa le-Afrika lisezandleni zabantu base-Afrika.
Lokhu ngikusho ngiwazi kahle umlando wokuhlukumezeka kwaleli zwekazi. Phela nami izimpande zami zilapha e-Afrika, futhi -- (ihlombe) -- nomndeni wami uyingxenye yomlando wokuhlukumezeka nokunqoba kwabantu base-Afrika.
Abanye benu bayazi ukuthi ubab'omkhulu wami wayesebenza ukuphekela abantu baseBritain eKenya, futhi nakuba wayengumuntu omdala ohloniphekile emphakathini kodwa abaqashi bakhe babembiza ngo"mfana" impilo yakhe yonke. Nakuba wayengagxilile emzabalazweni wokulwela inkululeko yaseKenya kodwa waboshwa ngalezo zikhathi zengcindezelo. Empilweni yakhe ingcindezelo kwakungekhona nje kuphela ukwakhiwa kwemingcele yobandlululo nezomnotho -- kwakuwukuhlukumezeka umuntu ayekuthola mihla namalanga, unyaka nonyaka.
Ubaba wami wakhula elusa izimbuzi, engenalo ithuba lokuya emanyuvesi aseMelika ukuyothola imfundo. Wakhula ngesikhathi i-Afrika iqala ukuba nethemba elingajwayelekile. Umzabalazo wesizukulwane sikayise wawusukhiqiza izizwe ezintsha, ukuqala lapha eGhana. (Ihlombe.) Abantu base-Afrika base benezindlela ezintsha zokuzifundisa, nomlando wawusushintsha.
Kodwa nakuba isikhona inqubekela phambili esiyenzekile -- futhi inkulu kakhulu inqubekela phambili ebonakalayo ezingxenyeni eziningi ze-Afrika -- siyazi ukuthi leso sithembiso asikafezeki. Ngesikhathi ngizalwa, amazwe anjengoKenya ayenomnotho osimeme kunowaseSouth Korea. Lokho kwashintsha ngendlela embi. Izifo nezimpi ziyiqedile ingxenye eningi ye-Afrika.
Ezindaweni eziningi selashabalala ithemba isizukulwane sobaba esasinalo. Manje sekulula ukukhombana ngeminwe sisole abanye abantu ngalezi zinkinga. Yebo, ingcindezelo iyona eyaholela ekubeni nezinxushunxushu. Amazwe aseNtshonalanga abeyixhaphaza i-Afrika kunokuba ayithathe njengozakwabo kwezomnotho. Kodwa amazwe aseNtshonalanga akuwona aholele ekuweni komnotho waseZimbabwe, noma ezimpini lapho izingane ezincane zenziwa amasosha. Ngezikhathi zikababa kwakuwukucwasana ngokobuzwe nokwenzelelana ngokobuhlobo okwamholela ekutheni aphume emzileni wowayefuna ukukwenza, futhi siyazi ukuthi iningi lisaluqhuba lolu hlobo lomkhonyovu nanamhlanje.
Manje siyazi ukuthi indaba ayipheleli lapho. Lapha eGhana nisikhombisa ubuso be-Afrika ethuthukile futhi engabonakali njengehlwempu. Abantu baseGhana basebenze kanzima ukuthuthukisa intando yeningi, lapho sibona ohulumeni beshintshwa ngokuthula ngisho noma ngabe ukhetho beluncintisana kangakanani. (Ihlombe.) Ngithanda ukusho ukuthi leli dlanzana kumele linconywe ukwedlula iningi. (Ihlombe.) Ngenxa yokwenganyelwa ngendlela efanele, umnotho waseGhana ukhombisa intuthuko emangalisayo. (Ihlombe.)
Kungenzeka le mpumelelo ingabinalo isasasa elifana nelezikhathi zokulwela inkuleleko zeKhulu-minyaka lamashumi amabili kodwa ekugcineni iyogqama kakhulu. Yize kubalulekile ukuphuma ngaphansi kokulawulwa ngezinye izizwe, kodwa kubaluleke kakhulu ukuzakhela wena isizwe sakho.
Ngakho ngikholwa ukuthi lesi yisikhathi esithembisayo eGhana kanjalo ne-Afrika njengaleso sikhathi okwakhula ngaso ubaba lapho kwazalwa khona izizwe ezintsha. Lesi yisikhthi esisha sesithembiso esikhulu. Ngalesi sikhathi sesifundile ukuthi akubona abantu abanjengoNkrumah noKenyatta abayolawula ikusasa le-Afrika. Kunalokho, yinina -- amadoda namakhosikazi asePhalamende laseGhana -- (ihlombe) -- abantu enibamele. Kuyoba yintsha enethalente nomdlandla kanye nethemba eyokwakha ikusasa izizukulwane ezidlule ezingazange zilibone.
Manje, ukufezekisa leso sithembiso, kumele siqale ngokuqonda iqiniso enilakhile eGhana: Intuthuko incike ekuphatheni ngendlela efanele. (Ihlombe.) Lesi yisithako ebesintuleka ezindaweni eziningi, isikhathi eside. Lolu wushintsho olungaqhakambisa ikhono le-Afrika. Futhi lona wumsebenzi ongenziwa kuphela ngabantu base-Afrika.
Kuthina baseMelika namazwe aseNtshonalanga, ukuzibophezela kwethu kumele kubonakale ngaphezulu kwama-dollar esiwakhiphayo. Ngizibophezele ekwengezeni imali yokusiza amazwe angaphandle, okuyinto ezosiza i-Afrika kanjalo neMelika. Kodwa uphawu lwempumelelo yangempela akusikhona ukuthi sihlala sisiza abantu abantulayo -- kepha ukuthi sisebenzisana kanjani ngokubambisana ukwakha ushintsho. (Ihlombe.)
Lo msebenzi kumele ube yisisekelo sokubambisana kwethu. Futhi namhlanje ngizogxila ezintweni ezine okuyizona ezibalulekile kwikusasa le-Afrika kanye namazwe asathuthuka wonkana: intando yeningi, amathuba, ezempilo, nokuxazululwa kwezinxushunxushu ngendlela enokuthula.
Okokuqala, kumele siseke ohulumeni abaphethe gokwentando yeningi. (Ihlombe.)
Njengoba ngasho eCairo, yilelo nalelo lizwe lizakhela intando yeningi ngendlela yalo futhi ehambisana namasiko alo. Kodwa umlando ukhipha isinqumo esicacile: Ohulumeni abahlonipha izifiso zabantu babo, abaphatha ngokuvumelana hhayi ngenkani, baphumelela kakhulu kunalabo abangakwenzi lokho.
Lokhu kungaphezulu kokuba nokhetho. Kumayelana nalokho okwenzeka ngaphambi kokhetho. (Ihlombe.) Ingcindezelo ingezindlela eziningi futhi amazwe amaningi, ukubala nalawo aba nokhetho, ayaba nezinkinga ezenza abantu bahlupheke. Alikho izwe elizokwazi ukwakha umnotho uma abaholi balo bezoba wogombela kwesakhe -- (ihlombe) -- noma uma amaphoyisa -- uma amaphoyisa ezothengwa abashushumbisi bezidakamizwa. (Ihlombe.) Alikho ibhizinisi elifuna ukutshala imali lapho uhulumeni ezodla khona amaphesenti angu-20 -- (ihlombe) -- noma uma izikhulu zinenkohlakalo. Akekho umuntu ofuna ukuphila emphakathini lapho umthetho ungasebenzi futhi kunesihluku nokugwazelwa. (Ihlombe.) Akuyona intando yeningi leyo, yisihluku, ngisho noma ngabe luyaba khona ukhetho. Ngakho manje yisikhathi sokuthi kuphele ukuphatha ngaleyo ndlela. (Ihlombe.)
Kuleli khulu-minyaka lamashumi amabili nanye, izinhlaka zikahulumeni ezethembekile yizona zihluthulelo zempumelelo -- amaphalamende aqinile; imibutho yamaphoyisa ethembekile; amajaji azimele -- (ihlombe); ukubikwa kwezindaba ngendlela ekhululekile, amabhizinisi anempumelelo, umphakathi ophucuzekile. (Ihlombe.) Lezi yizinto ezenza intando yeningi ibe nempilo, ngoba yilokho okubalulekile ezimpilweni zabantu zansukuzonke.
Manje, njalo nje, abantu baseGhana bakhethe ukuphatha ngendlela yomthethosisekelo kunokucindezela, futhi bakhombise umoya wentando yeningi eyenza abantu benu babe nempumelelo. (Ihlombe.) Lokhu sikubona kubaholi abakwamukelayo ukwehlulwa -- kungihlabe umxhwele ukubona izimbangi zikaMongameli Mills zime eceleni kwakhe izolo ebusuku ngesikhathi ezongibingelela ngehla ebhanoyini futhi lokhu kusho lukhulu ngeGhana -- (ihlombe); abanqobi abangasivumeli isilingo sokuhlukumeza izimbangi zabo. Lowo moya siwubona kwizintatheli ezifana no-Anas Aremeyaw Anas, odele impilo yakhe ukuze abike ngeqiniso. Lokhu sikubona ephoyiseni elifana noPatience Quaye, osize ekutheni kushushiswe lowo wokuqala osolwa ngokushushumbisa abantu eGhana. (Ihlombe.) Lokhu sikubona kubantu abasha abakwazi ukukhuluma begxeka ukwenzelela futhi abakwazi ukubamba iqhaza kwezepolitiki.
E-Afrika jikelele sesibone abantu abaningi abakwazi ukuhlahla indlela yalapho beya khona, futhi benze izinguquko ezinqala. Lokhu sikubonile eKenya, lapho umphakathi ubambisane nabamabhizinisi ukunqada udlame olwalandela ukhetho. Sikubonile lokhu eNingizimu Afrika, lapho abantu bevote ngobuningi babo okhethweni olusanda kudlula -- olwesine selokhu kwaphela ubandlululo. Sikubonile lokhu eZimbabwe, lapho i-Election Support Network ibe nesibindi sokulwela amalungelo abantu okuvota.
Manje-ke ningalenzi iphutha: Umlando ungakulabo bantu base-Afrika abanesibindi, hhayi labo abaketula ohulumeni noma bashintshe imithethosisekelo ukuze baqhoqhobale izintambo. (Ihlombe.) I-Afrika ayibadingi ondlovukayiphikiswa, idinga izinhlaka zikahulumeni eziqinile. (Ihlombe.)
Manje iMelika alikho izwe ezophoqelela indlela yokuphatha kulo. Iqiniso elibalulekile ngentando yeningi wukuthi yilelo nalelo lizwe lizenzele umhlahlandlela walo. Kodwa iMelika izokwengeza usizo kulabo abazimisele, ngenhloso yokweseka ukuphatha ngendlela efanele -- emaphalamende, yokuqapha ukusetshenziswa kwamandla ngendlela engalungile nokuqiniseka ukuthi namazwi amaqembu aphikisayo ayalalelwa -- (ihlombe); ukulawula komthetho, ukuqinisekisa ukwenziwa kobulungiswa ngendlela elinganayo, ukubamba iqhaza komphakathi kanye nentsha, kanjalo nokuthola izixazululo zokulwa nenkohlakalo -- (ihlombe) -- ukuvikela izinhlaba-mkhosi zobugebengu.
Siyalunika lolu sizo. Ngiyalele uhulumeni wami ukuba ubhekisise inkohlakalo eyenzeka kwimibiko yethu ngamalungelo abantu. Bonke abantu kumele babe nelungelo lokuqala ibhizinisi noma ukuthola imfundo ngaphandle kukugwaza. (Ihlombe.) Umsebenzi wethu ngowokweseka labo abenza okufanele bese sikhipha inyumbazane labo abangakwenzi. Yilokho-ke iMelika ezokwenza.
Manje, lokhu kuholela esigabeni sesibili sokusebenza kwethu ngokubambisana: ukweseka intuthuko ezonikeza abantu abaningi amathuba.
Nokuphatha ngendlela engcono, angingabazi ukuthi i-Afrika isethubeni elihle lempumelelo. Lokhu kubukeni ngempumelelo enkulu eyenziwa ngabantu base-Afrika ezweni lami iMelika. Abeve bephumelela. Ngakho banethalente, banomoya wezamabhizinisi. Umbuzo uthi, singenza kanjani babe nempumelelo lapha emazweni akubo? Lelizwekazi linothe kakhulu kwezokumbiwa phansi. Futhi kusukela kosomabhizinisi bama-cell phone kuya kubalimi abancane, abantu base-Afrika sebekhombisile ukuthi bayakwazi ukuzakhela amathuba. Kodwa imikhuba yakudala kumele iqedwe. Ukwethembela kakhulu entweni eyodwa kwenza umnotho ujikeleze kubantu abambalwa, bese abantu bengathuthuki.
Ngakho eGhana, ukwenza isibonelo, uwoyela uletha amathuba amaningi futhi nikwazile ukulungiselela amathuba amasha enzuzo. Kodwa njengoba iningi lenu lazi, uwoyela ngeke ube wu-cocoa omusha. Kusukela eSouth Korea kuya eSingapore, umlando ukhombisile ukuthi amazwe aba nempumelelo uma ethuthukisa abantu bawo kanjalo nengqalasizinda -- (ihlombe); uma enza imikhiqizo eminingi ethunyelwa ngaphandle, eqeqesha abasebenzi, futhi enza namathuba kosomabhizinisi abancane abavula amathuba emisebenzi.
Njengoba abantu base-Afrika bebheke kulesi sithembiso, iMelika izimisele kakhulu ngokusiza. Ngokwehlisa izindleko eziya kongoti baseNtshonalanga, sifuna ukunika usizo kulabo abaludingayo, ngesikhathi siqeqesha abantu ekutheni bakwazi ukuzenzela. (Ihlombe.) Yingakho lo-$3.5 billion wokudla ugxile ezindleleni ezintsha kanye nobuchwepheshe bezolimo -- hhayi nje kuphela ukuthumela izimpahla zaseMelika e-Afrika. Usizo alugcini lapho. Inhloso yalolu sizo wukwenzela ukuthi ekugcineni lungabe lusadingeka. Ngifuna ukubona abantu baseGhana bethumela ukudla kwamanye amazwe futhi benze imali ngalokho. Ningakwenza lokho. (Ihlombe.)
Manje iMelika isangenza okuningi ukugqugquzela uhwebo nokutshalwa kwezimali. Amazwe anothile kumele avule iminyango ukwamukela imikhiqizo evela e-Afrika. Uhulumeni wami uzozibophezela kulokho. Futhi lapho kunokuphatha okukahle, singayisabalalisa impumelelo ngokwakha amaxhama okubambisana ekwakhiweni kwemigwaqo engcono nokuletha ugesi, ukuqeqesha abantu ekutheni bakhulise amabhizinisi, usizo lwezezimali olungezogcina kuphela emadolobheni kodwa oluzofinyelela nakulabo abampofu ezindaweni zasemaphandleni. Lokhu sizimisele ngokukwenza -- ngoba uma abantu betakulwa ekuhluphekeni futhi kukhuliswa nomnotho e-Afrika, kuzovuleka izimakethe ezintsha zemikhiqizo yethu. Ngakho sizosizakala sonke.
Omunye umkhakha onesithembiso esikhulu kakhulu ngowezamandla ambiwa phansi. I-Africa ikhiqiza i-greenhouse gas encane kunamanye amazwe omhlaba, kodwa lokhu kuphazanyiswa kakhulu wukushintsha kwesimo sezulu. Ukushisa okweqile emhlabeni kuzodala izifo, kushise iziphethu zamanzi, kubulale izitshalo, bese kwenza izimo ezizoholela ezinxushunxushwini. Sonke -- kakhulukazi amazwe athuthukile -- kumele silwe nalezi zimo -- ngokushintsha indlela esiwasebenzisa ngayo amandla ambiwa phansi. Kodwa singasebenzisana futhi nabantu base-Africa ukuguqula le nkinga siyenze amathuba.
Ngokubambisana singayilwela impumelelo yomhlaba wethu futhi sikwazi ukusiza amanye amazwe ekutheni athole amandla ambiwa phansi. Ake nicabange ngalokhu: E-Afrika yonkana kunendathane yamandla aphehlwa ngomoya nangelanga, kanjalo nowoyela owakhiwa ngezitshalo. Kusukela eRift Valley kuya ezingwadule eziseNyakatho ye-Afrika; kusukela ogwini oluseNtshonalanga kuya ezitshalweni zaseNingizimu Afrika -- iziphiwo zemvelo zase-Afrika zingakwazi ukukhiqiza amandla ayo, azophinde athunyelwe emazweni aphesheya.
Lezi zinyathelo zingaphezulu kokwenza imali. Zimayelana nokuthi umuntu osemncane ofundile angakwazi ukuthola umsebenzi angondla ngawo umndeni, umlimi angathumela imikhiqizo yakhe ezimakethe, umuntu onomqondo okhaliphile angalisungula ibhizinisi. Lokhu kumayelama nesithunzi somsebenzi, kumayelana namathuba akhona kubantu base-Afrika kuleli Khulu-minyaka lamashumi ababili nanye.
Njengoba indlela okuphethwe ngayo ibalulekile ekuvulekeni kwamathuba, ibalulekile futhi nakulento yesithathu engifuna ukukhuluma ngayo: ukuqiniswa kokunikezwa kwezidingo zezempilo kubantu.
Kule minyaka esanda kudlula, inkulu inqubekela phambili esiyenzekile ezingxenyeni ezithile ze-Afrika. Baningi abantu asebekwazi ukuphila neHIV/AIDS futhi bathole nemishanguzo abayidingayo. Ngisanda kubona umtholampilo omuhle kakhulu omayelana nokubelethwa kwabantwana. Kodwa abaningi basafa ngenxa yezifo okungamele zibabulale. Uma izingane zisabulawa ukulunywa womiyane, omama besafa uma bebeletha, kusho ukuthi kusekukhulu okusamele kwenziwe.
Ngenxa yamaholo amakhulu -- imvamisa anikezwa ngamazwe anothile -- iningi lodokotela nabahlengikazi lithutheleka phesheya kwezilwandle ukuyosebenza ngaphansi kwezinhlelo ezigxile esifweni esisodwa kuphela. Lokhu kudala izikhala emkhakheni wezokwelapha. Ngakolunye uhlangothi, abantu base-Afrika kwabona kumele bafunde ukuphila ngendlela yokugwema ukubhebhetheka kwezifo.
Ngakho e-Afrika yonkana siyababona abantu belwa nalezi zinkinga. E-Nigeria, umfelandawonye wamaKhritu namaSulumane usuwenze isibonelo sokubambisana ukulwa noMalaleveva. Lapha eGhana nase-Afrika yonkana siyayibona imizamo ekhaliphile yokuvala izikhala ezikhona kwezokwelapha -- isibonelo, ngezinhlelo ze-E-Health eyenza odokotela basemadolobheni amakhulu bakwazi ukusiza labo abasemadolobheni amancane.
IMelika izoyiseka le mizamo ngoba kuleli Khulu-minyaka lamashumi amabili nanye simiselwe ukulawulwa wonembeza bethu nayilokho esikuphokophelele sonke, ngoba uma ingane ibulawa yisifo esigwemekayo e-Accra lokho kuyasikhathaza umhlaba wonke. Futhi uma isifo esithile singaqashiwe ezweni elithile, siyazi ukuthi singabhebhetheka umhlaba wonke.
Yingakho-ke uhulumeni wami unikele ngesamba sika-$63 billion ukubhekana nalezi zinselelo -- $63 billion. (Ihombe.) Ngokuqhubezela phambili imizamo eqinile kaMongameli uBush, sizoyiqhuba impi yokulwa neHIV/AIDS. Sizoqhubeka nokulwa noMalaleveva nesifo sofuba, futhi sizolwa nokuqeda isifo sovendle. (Ihlombe.) Sizolwa -- sizolwa nezifo ezingxenyeni ezahlukene zomhlaba. Futhi ngeke silwe nokufa okukodwa -- sizotshala izimali emikhakheni yezempilo ezobhekana ngqo nempilo yomama nezingane. (Ihlombe.)
Manje, njengoba sibambisene ekulungiseleni ikusasa, kumele siwuqede nalowo monakalo ongabangwa yizifo kodwa obangwa ngabantu -- ngakho ingxenye yokugcina engizokhuluma ngayo manje wudweshu.
Ake ngikucacise lokhu: I-Afrika akulona izwekazi elihlala lisempini ngaso sonke isikhathi. Kodwa uma sikhuluma iqiniso, kubantu abaningi base-Afrika impi iyingxenye yezimpilo zabo, njengokuphuma kwelanga njalo ekuseni. Kunezimpi zokubanga umhlaba nezimpi zokubanga izinsiza-kwenza. Futhi kulula kulabo abangenawo unembeza ukubhebhethekisa izimpi phakathi kwezinkolo nezinhlanga.
Lezi zimpi zihleli emqaleni we-Afrika. Manje, singabantu bezizwe kanye nezinkolo ezahlukene. Kodwa ukucwasana ngokobuzwe nenkolo akunandawo kuleli Khulu-minyaka lamashumi amabili nanye. (Ihlombe.) Ukwehlukana ngobuzwe nangokwenkolo kumele kube wumsuka wamandla ethu, hhayi wokwehlukana kwethu. Siyizingane zikaJehova sonke. Sonke sinamaphupho afanayo -- ukuhlala ngoxolo nokuvikeleka, ukuthola imfundo namathuba, ukuthanda imindeni kanye nemiphakathi kanjalo nenkolo yethu. Yilokho okusenza sibe ngabantu sonke.
Yingakho kumele sikugxeke ukwenza okubi. Akulungile neze -- akulungile neze ukubulala abantu abangenacala ngenxa yokukholelwa kokwehlukile. (Ihlombe.) Kufana nesigwebo sentambo ukuphoqa izingane ezincane ukuthi ziyobulala empini. Kuwubugwala obuphindiwe ukudlwengula abantu besifazane. Kumele sikwazi ukubaluleka kwaleyo naleyo ngane yaseDarfur kanjalo nesithunzi salowo nalowo muntu wesifazane waseCongo. Ayikho inkolo nesiko elivumela lokhu kuhlukunyezwa kwabo. Ngakho sonke kumele silwele ukuthula nokuvikeleka ukuze siqhubekele phambili.
Abantu base Afrika bazimisele ngaleli kusasa. Nalapha eGhana siyayibona imizamo yenu yokuqhubekela phambili. Kumele niziqhenye ngeqhaza lenu ekuletheni ukuthula eCongo, Liberia naseLebanon -- (ihlombe) -- kanjalo nemizamo yenu yokulwa nokuthengiswa kwezidakamizwa. (Ihlombe.) Siyazemukela izinyathelo ezithathwe yizinhlangano ezifana ne-African Union ne-ECOWAS zokuxazulula izingxabano, ukwakha uxolo, kanye nokweseka labo abadinga usizo. Futhi siyakugqugquzela ukwakhiwa kwezinhlaka zokulethwa kokuthula.
IMelika kumele isebenze ngokubambisana nani ukufeza lezi zinhloso, hhayi ngomlomo nje kuphela, kodwa ngokweseka okuzoqinisa amandla e-Afrika. Uma kubulawa abantu eDarfur noma kuhlasela abashokobezi eSomalia, lezi akuzona izinkinga ze-Afrika yodwa --yizinselelo ezibhekene nomhlaba wonke jikelele futhi ezidinga ukubambisana kwamazwe omhlaba.
Yingakho-ke sikulungele ukubambisana nani ngosizo, futhi sizoyeseka imizamo yokushushisa labo abanamacala ezimpi. Ake ngicacise lokhu: Uhlelo lwethu lwe-Africa Command aluhlosile nje kuphela ukwakha isizinda kuleli zwekazi, kodwa kuhloswe ngalo ukubhekana nalezi zinselelo ukuqinisekisa ukuphepha kweMelika, i-Afrika kanye nomhlaba wonkana. (Ihlombe.)
E-Moscow, ngakhuluma ngesidingo sokwakhiwa kohlelo lamazwe omhlaba oluzoqinisekisa ukuhlonishwa kwamalungelo abantu jikelele, kanjalo nokulwa nokuhlukunyezwa kwalawa malungelo. Lokhu kumele kubandakanye ukuzibophezela ekwesekeni labo abaxazulula izimpi ngendlela enokuthula, ukunswinya labo abangakwenzi lokho, kanye nokusiza labo abahlukumezekile. Kodwa ekugcineni ngamazwe afana noBotswana neGhana abonakala engamafolosi ekulweleni ukuthula nempumelelo.
Njengoba ngike ngasho ekuqaleni, ikusasa labantu base-Afrika lisezandleni zabo.
Abantu base-Afrika sebekulungele ukubhekana nalelo kusasa. Ezweni lami, abantu abamnyama -- ukubala nenqwaba esanda kufika -- abazibekile phansi ngempumelelo. Lokhu sikufeze yize besithwele kanzima, besigqugquzelwa wukuba ngabantu base-Afrika. Ngezinhlaka eziqinile zikahulumeni, ngiyazi ukuthi abantu base-Afrika bangawafezekisa amaphupho abo eNairobi, Lagos, Kigali, Kinshasa, Harare, nakhona lapha e-Accra. (Ihlombe.)
Niyazi, eminyakeni engu-52 edlule, amehlo omhlaba wonke ayebheke eGhana. Umshumayeli owayesemncane okwakunguMartin Luther King weza lapha e-Accra, ezozibonela ngawakhe ukuwa kwe-Union Jack nokuphakama kwefulegi laseGhana. Lokhu kwenzeka ngaphambi kwemashi yaseWashington noma ukuphumelela komzabalazo wokulwela amalungelo abantu ezweni lami. UDokotela King wabuzwa ukuthi wazizwa kanjani ngesikhathi ebuka ukuzalwa kwesizwe. Waphendula wathi: "Lokhu kuvuselela inkolelo yami ekutheni ubulungiswa buyogcina bunqobile."
Manje lokho kunqoba kumele kuphinde kwenzeke, futhi kumele kwenziwe yinina. (Ihlombe.) Futhi ngikhuluma nabantu abasha bonke base-Afrika kanjalo nabalapha eGhana. Emazweni anjengeGhana, abantu abasha bangaphezulu kwesigamu sabantu bezwe jikelele.
Nansi into okumele niyazi: Umhlaba uzoba yilokho eniwenza khona. Ninawo amandla okwenza abaholi benu baphendule ngabakwenzile, nokuthi bakhe izinhlaka zikahulumeni ezizosebenzela abantu. Ningayisebenzela imiphakathi yenu, nisebenzise umdlandla nemfundo yenu ukwakha umnotho. Ningazinqoba izifo, niqede izimpi, nenze uguquko oluphelele. Yebo ningakwenza lokho -- (ihlombe) -- ngoba njengamanje umlando uyaguquka.
Kodwa lezi zinto ziyokwenzeka kuphela uma nizimisele ngekusasa lenu. Futhi ngeke kube lula. Kuzothatha isikhathi nokuzinikela. Kodwa nginethembisa lokhu: IMelika izolokhu inani indlela yonke -- njengozakwenu, njengomngani. (Ihlombe.) Amathuba ngeke avele kwenye indawo. Kumele avele ezinqumweni enizithathayo nonke, izinto enizenzayo, kanye nethemba eninalo.
Ghana, inkululeko yifa lenu. Manje kungumsebenzi wenu ukwakhela phezu kwesisekelo sale nkululeko. Futhi uma nikwenza lokho, eminyakeni ezayo siyobuka emuva ezindaweni ezinjenge-Accra sisho sithi lesi kwaba yisikhathi lapho kwafezeka khona izethembiso, lesi kwaba yisikhathi okwakhiwa ngaso impumelelo, lapho kwanqotshwa khona inhlupheko, nokuvuleka kwekhasi elisha. Lesi kungaba yisikhathi sokuphinda sibe wofakazi bokunqoba kobulungiswa futhi. Yebo singakwenza lokho. Ngiyabonga kakhulu. INkosi inibusise. Ngiyabonga. (Ihlombe.)
(end transcript)